UVishnu Chetty waxoshwa emsebenzini ngo-2004 ngemuva kokuthumela i-email eyayinezinhlamvu ezithi abantu abamnyama bahlobene nezinkawu, kubika iTimeslive.
OLUNYE UDABA: Ubandlululo lusemi ngezinyawo kuleli - Umbono
UChetty walahlwa yicala lokusabalalisa umbhalo onokucwasa esebenzisa izinsiza zenkampani.
UChetty wababela kuCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration, ekhala ngokuthi kwenzelelwa ngesikhathi exoshwa emsebenzini, kepha wafika wakhala ngaphansi nakhona.
Waphika ukuthi nguye owathumelela le email waphinde wathi yayingalumeli.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho