Mthatha - Kuzoba yiPhasika elingelihle kuMandla Mandela kulandela ukuba iNkantolo yeMantshi yaseMthatha imthole enecala lokushaya ngenhloso yokulizama.
Nakuba etholwe enecala lokushaya, inkantolo imthole engenalo icala lokukhomba ngesibhamu.
IMantshi uNoluthando Conjwa ugcine eliphothulile leli cala ebeselidonse izinyanga ezingu-18, uMandla abesolwa kulona ngokushaya uthisha wesikole, uMlamli Ngudle.