Pretoria- Ozibiza ngomudli wezidakamizwa uvumile eNkantolo eNkulu ePitoli ngoMsombuluko ukuthi washaya wabulala umngani wakhe ngesagila ngemuva kokucasulwa ukuthi uyisitabane.
UJuda Joseph Plekenpol, 31, utholwe enecala lokubulala kanye nokuphanga ngemuva kokuba uMbuso wamukele ukuthi uyalivuma icala.
UPlekenpol wavuma ukuthi wabulala uLouis Eksteen, 45, emzini wakhe eGarsfontein, ePitoli, ngo-Ephreli ngonyaka odlule nokuthi weba nemoto yesisulu, imali nezinye izimpahla.
Umama ka-Eksteen, u-Adri, wathola isidumbu sengane yakhe endlini yangasese ngemuva kwezinsuku ezintathu.
Wayeshaywe waze wabulawa.Ithimba longoti lahlola uPlekenpol eWeskoppies Psychiatric Hospital lathola ukuthi ukulungele ukubhekana namacala akhe, akaguli ngengqondo, uyakwazi ukwehlukanisa okulungile nokungalungile.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.