“Lokhu kulandela uphenyo olunzulu nokuthi uthisha aqondiswe izigwegwe,” kusho uSihlalo womkhandlu owengamele isikole, uBrenda Sakellarides, esitatimendeni.
“Sathi uma sizwa ngalezi zinsolo sanquma ukuthi uNksz Nell amiswe okwesikhashana emsebenzini ngesikhathi uMnyango wezeMfundo ne-NSA besaqhuba uphenyo.”
OLUNYE UDABA: Uthisha ubize abantu abamnyama ngamadimoni
USakellarides uthe abukho ubufakazi obutholakele obuthi lo thisha waba nokucwasa ngokwebala ngenkulumo ayenza.
Nokho kuthiwa kungenzeka ukuthi lo thisha waphambana nezimiso zeSA Council of Educators (SACE).
NgoJuni, iphephandaba iThe Star labika ukuthi lo thisha weHistory kaGrade 8 watshela abafundi ukuthi isizathu sokuthi uhulumeni uhluleke ukwenza umsebenzi yingoba uholwa abantu abamnyama.
Waqhubeka wathi abantu abamnyama bangamadimoni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter