Petermaritzburg - Kwangena indoda eyabe igqoke ezimnyama yafike yagenca owesifazane owayelele endlini kalawondi, yambulala, kutshelwa iNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
URosemarie Xaba wabulwa kabuhlungu ezama ukutabalasa evuka embhedeni.
Umbulali ongakaze athi vu ngesikhathi ebulala, wadlula wayobulala abazali bakaRosemarie, uBonakile noSiphiwe Xaba.
Isehlakalo senzeka eMatimotolo, eGreytown, mhlaka-23 Disemba, nyakenye.
Lobu bufakazi bethulwe enkantolo yilungu lomndeni uPhilani Xaba, 21.
Ummangalelwa uNkosi Nkonzo Xulu, 30, uyawaphika amacala abekwe wona.
UXaba uthi kwakuba nomsindo njalo uma ummangalelwa elethele udadewabo imali, uthiubudlelwano babo babungasahambi ngendlela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.