Johannesburg – Iphoyisa elingumkhuzi eBenoni seliphume ngaphandle ngebheyili ngemuva kokuvela eNkantolo yeMantshi yaseMoroka eSoweto ngecala lokukhwabanisa, kusho amaphoyisa esifundazwe saseGauteng ngoMsombuluko.
UVuyokazi Ndebele uphume ngebheyili ka-R2 000, kusho uBrigadier Neville Malila.
Ulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo ngomhlaka 18 ku-Agasti.
UMalila uphinde wathi: "UNdebele waboshwa ngeSonto ebusuku endlini yakhe ngophenyo oluveze ukuthi ukhwabanisa ngokuqasha abantu ngokungemthetho ebaqashela embuthweni wamaphoyisa wakuleli."
Sekuboshwe abantu abangu-12 mayelana nalo mkhonyovu.
UNdebele uyabandakanyeka emkhonyonwini owaqhubeka ngesikhathi kuqashwa abanye eSoweto.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho