Johannesburg - INingizimu Afrika isemgqeni ekuyiwo, izokwazi nokubhekana nezimiso eyazibekela zona ngaphansi kwe-United Nations millennium development goals (MDGs, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma.
"Siqhuba kahle kakhulu ezinhlelweni zokulwa nobubha, ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane ziya esikoleni, kuba nokulinganiswa kwabantu kungabhekwa ubulili," kusho uZuma esitatimendeni sakhe sokuvala unyaka.
Funda nalolu daba: Awazinakekeli amaMelikana ane-HIV
"Sehlile isibalo somama abashona bebeletha. Baku-2.7 million abantu bakuleli abathola imishanguzo yegciwane lengculaza," kuqhuba isitatimende sikaNxamalala.
"Umsebenzi
omuhle kakhulu esiwenzile, ukunciphisa isibalo sezingane ezisuleleka ngegciwane
lengculaza uma omama bebeletha."
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.