Kuthiwa wanyenyisa iphepha elivuthayo linophalafini ngaphansi kwesicabha segumbi lokulala, lapho lezi zithandani zazizivalele khona izinsuku ezimbili zizitika ngenkonzo yasekamelweni, kubika iSowetan.
UMotaung kusolakala ukuthi wabe esekhiya umuzi wonke ngaphandle, wabukela emele kude omakhelwane bezama ukuhlenga abashayo.
OLUNYE UDABA: Kuphume izidumbu kubangwa isoka
Isoka lakwazi ukuphuma ngesamagundwane kepha owesifazane, uNomonde Mfaco, 26, washa kabi wagcina ngokushonela esibhedlela.
UMotaung walivuma icala lokubulala kuleli cala eliqulwa eNkantolo yeMantshi yaseTembisa.
Isigameko senzeka ngo-Agasti 2013.
Umndeni kaMfaco ukhala ngokuthi umndeni wakwaMotaung awukaze uzihluphe ngokuzoxolisa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho