Johannesburg – Iphoyisa laseSophiatown, uColonel Mohale Masia, uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngamacala ahlanganisa nelenkohlakalo, kusho oKlebe ngoLwesibili.
UMasia othweswe icala esiteshini samaphoyisa eSophiatown, uboshwe efika nje emsebenzini ngoMsombuluko.
Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe umsolwa oneminyaka engu-51 ubudala uboshwe ngezinsolo zokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanye nenkohlakalo.
"Sisanda kuncinzwa indlebe ngokuthi ngo-Okthoba ngonyaka odlule, lo mlisa wahlela ukuba kudedelwe omunye umsowa ejele, waphinde wafuna ukukhokhelwa u-R6 000 ukuze kulahlwe idokodo,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Bavelile abasolwa ngokudlwengula ona-12
UHangwani uthe amaphoyisa abe esephenya nokuwaholele ekuboshwe kukaMasia.
UMasia udedelwe ngebheyili ka-R5 000.
Uzophinde avele enkantolo ngoNovemba 12.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.