Rustenburg – Ikhehla, 68, elisolwa ngokudlwengula ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala, livelile eNkantolo yeMantshi yaseMogwase ngoMsombuluko, kusho amaphoyisa aseNorth West.
UColonel Sabata Mokgwabone uthe le ndoda iboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokudlwengula le ngane eMonakato, ngaphandle kwaseRustenburg, ngomhlaka-14 Ephreli.
OLUNYE UDABA: Osolwa ngelokudlwengula ucele ukubona inyanga
“Kusolakala ukuthi le ngane yaya kagogo wayo iyodlala nenye ingane. Kuthiwa ummangalelwa wabe eseyibizela endlini, wayihudulela ekameleni lokulala wase eyayidlwengula,” kuqhuba uMokgwabone.
“Ingane yabe isigoduka yabikela umama wayo ngokuyehlele.”
Yabe isiyiswa emtholampilo kwafike kwaqinisekiswa ukuthi idlwenguliwe.
Icala lihlehliselwe umhlaka-28 Ephreli lapho ummangalelwa ezofaka khona isicelo sebheyili.
Umbiko ngabe-ANA.