Share

Liyehla isasasa ngelika-Oscar

Pretioria - Umphakathi ubukeka usuwehlelwe yisasasa ngecala lomsubathi ogijima ngamaxhumela, u-Oscar Pistorius, njengoba kubonakale idlanzana labantu ebelindele ukumbona ngaphandle kweNkantolo eNkulu ePitoli.

NgoLwesibi ngesikhathi uPistorius ebuyela ebhokisini, abantu bebephume ngothi lwabo bezozibonela ukusuka nokuhlala.

Ekuqhubekeni kwecala ngoLwesithathu, ummangalelwa ungene egqoke isudi emnyama, wabonakala edlana indlebe nabameli bakhe.

UPistorius ubhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp,  amdubulela emzini wakhe mhlaka-14 Febhuwari, nyakenye.

USteenkamp wadutshulwa emi ngemuva kwesicabha sasethoyilethe, ummangalelwa uthi wayecabanga ukuthi umgqekezi.

UMbuso uyakuphikisa ukusho kukaPistorius, uthi lezi zithandana zaba negxabano, uPistorius wagcina ngokuthi adubule.

Ekuqaleni kwenkantolo, iJaji uThokozile Masipa, uvume isicelo sokuthi icala lihlehliswe isikhathi esingamasonto amabili.

Ngemuva kwangoLwesine, inkantolo izoma ize iqhubeke mhlaka-5 Meyi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 418 votes
No! It's time to move on ...
35% - 230 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
+0.9%
Rand - Pound
23.83
+0.5%
Rand - Euro
20.43
+0.6%
Rand - Aus dollar
12.39
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
920.50
+0.9%
Palladium
981.50
-2.3%
Gold
2,330.33
+0.6%
Silver
27.33
+0.6%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.8%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE