Johannesburg – UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthi uphenya ngokungenzeka ukuthi kuholele ekweqeni kweziboshwa eGroenpunt Maximum Security Prison, eVereeniging.
Kuthiwa lezi ziboshwa zaphuma ngewindi ezintatha ngoLwesine.
Ezinhlanu kuzona zaphinde zaboshwa kanti ezinye ezimbili zisagcwele amathafa.
OLUNYE UDABA: Zisagcwele izinkalo iziboshwa ezeqile
Owalo Mnyango uLogan Maistry uthi bazama ukuthola ukuthi lezi ziboshwa zeqe kanjani.
“Uphenyo lwethu luyaqhubeka. Sicela noma ngabe ngubani onolwazi aphumele obala.”
Lezi ziboshwa zalahlwa amacala okubalwa kuwo awokugqekeza, ukudlwengula, nokuzama ukubulala kanti zithathwa njengeziyingozi kakhulu.