Durban – Ababhikishi ngaphandle kweNkantolo yeMansthi eThekwini bathi bafuna bashiswe bephila abathakathi nababulali njengoba kuvela labo abasolwa ngokubulala uDesiree Murugan owatholwa enkundleni yezemidlalo eShallcross.
Kuthiwa ababhikishi ababalelwa ku-70 abebegqoke izikibha zamaqembu epolitiki i–NFP ne-DA bami ngaphandle kwale nkantolo baphethe izingqwembe ezinombhalo othi “Abathakathi mabashiswe bephila”.
Kule nkantolo kuvela abasolwa abayisithupha okubalwa kubo uSivonkaliso Mbili oneminyaka engu-32 ubudala, uVusimuzi Gumede onengu-30 ubudala, uFalakhe Khumalo nabanye abathathu abasebancane ngokweminyaka.
Kubikwa ukuthi umzimba kaMurugan watholwa kule nkundla ungasenalo ikhanda kanti lona latholaka endaweni yaseMfume eningizimu yeKwaZulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uJay Naicker uthe omunye wabasolwa uyinyanga.
Kuthiwa uMurugan ushiye indodana eneminyaka eyisithupha kanti obesebenza njengomahosha.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho