Johannesburg – Ukufundwa kwezilimi zomdabu ezikoleni kufanele kube yinto esemqoka, kusho uMengameli uJacob Zuma ngoLwesine.
"Izingane zethu kufanele ziziqhenye ngezilimi zethu ezingu-11 futhi zifunde ukukhuluma ezinye zazo," usho kanje kowenhlangano yeSA Democratic Teachers' Union eBoksburg, e-East Rand.
OLUNYE UDABA: UNzimande uthi akufundwe izilimi zase-Afrika
"Kusezandleni zothisha ukuba bafundise isizukulwane esisha kuleli."
Uthe inhlangano iSadtu ibalulekile ngenxa yendima edlalwa yile nyunyana ngokuguqula izwe.
"Ngokwenza kahle singayisa phambili imfundo ezweni," usho njalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho