Abalisa ababili abangena endlini bafuna iselula kaKelly kodwa yena wanqaba ukubanikeza.
Ngemuva kwalokho kwaba nokuhilizisana phakathi kukaKelly nomunye wabalisa, kubika iSowetanlive.
USenzo wasukuma wazama ukungenelela...Nokuyilapho omunye wabalisa akhipha khona isibhamu wadubula uSenzo.
UMeyiwa
wadutshulwa esifubeni edutshulwa umuntu owayeseduzane ngesikhathi yena
nabangani bakhe besemzini wentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus eKurhuleni.
Funda nalolu daba: Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eGoli.
Amaphoyisa athi abalisa bagcina bethathe iselula eyayikade iseshajini emzini kaKhumalo.
UMeyiwa washona esanda kufika nje esibhedlela.
Okwamanje abukho ubufakazi obukhomba ukuthi yizinkabi ezadubula uMeyiwa.
Abaseshi
bachitha isikhathi esingaphezulu kwehora bepheka ngemibuzo unkozikazi kaMeyiwa
angasahlali naye, uMandisa Mkhize, esiteshini samaphoyisa eVosloorus.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.