Johannesburg - Umshayeli wetekisi uZola Tongo uziveze enkantolo njengesisulu ngesikhathi echaza ngendlela okwabulawa ngayo u-Anni Dewani ngesikhathi ephekwa ngemibuzo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesine.
UTongo, 34, owagwetshwa iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngokubulala u-Anni ngo-2010, uthe wadela izinto eziningi empilweni.
UFrancois van Zyl, omele umyeni ka-Anni osolwa ngelokubulala, uShrien Dewani, ubuze uTongo ngeqhaza lakhe ekubulaleni.
“Okokuqala nje, izinkinga engangena kuzona. Ngafonela uMonde
ngemali yami. Ngaya kuMonde ngophethiloli wami. Ngadela impilo yami ukuze lo
msebenzi uphumelele,” kusho uTongo.
Funda nalolu daba: ICosatu ayisafani - Vavi.
"Ziningi izinkinga engangena kuzona,” usho kanje.
Uthe yena noMonde Mbolombo badlala ngemisebenzi yabo.
UDewani usolwa ngelokubulala unkosikazi wakhe ngesikhathi beseholidini ngemuva komshado wabo ngo-2010 kanti waliphika icala lokubulala, elokuthumba, ukuphanga kanye nelokwakha itulo lokubulala nokuphazamisa ingalo yomthetho.
UTongo uphinde wathi wenza into ebhedayo, waba nobulima. Futhi wakhohliswa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.