Share

'Ngadela impilo yami ukuze kuphumelele elokukubulala'

Johannesburg - Umshayeli wetekisi uZola Tongo uziveze enkantolo njengesisulu ngesikhathi echaza ngendlela okwabulawa ngayo u-Anni Dewani ngesikhathi ephekwa ngemibuzo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesine.

UTongo, 34, owagwetshwa iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngokubulala u-Anni ngo-2010, uthe wadela izinto eziningi empilweni.

UFrancois van Zyl, omele umyeni ka-Anni osolwa ngelokubulala, uShrien Dewani, ubuze uTongo ngeqhaza lakhe ekubulaleni.

“Okokuqala nje, izinkinga engangena kuzona. Ngafonela uMonde ngemali yami. Ngaya kuMonde ngophethiloli wami. Ngadela impilo yami ukuze lo msebenzi uphumelele,” kusho uTongo.

Funda nalolu daba: ICosatu ayisafani - Vavi.

"Ziningi izinkinga engangena kuzona,” usho kanje.

Uthe yena noMonde Mbolombo badlala ngemisebenzi yabo.

UDewani usolwa ngelokubulala unkosikazi wakhe ngesikhathi beseholidini ngemuva komshado wabo ngo-2010 kanti waliphika icala lokubulala, elokuthumba, ukuphanga kanye nelokwakha itulo lokubulala nokuphazamisa ingalo yomthetho.

UTongo uphinde wathi wenza into ebhedayo, waba nobulima. Futhi wakhohliswa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 5 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 10 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE