Share

Ngancenga uMalema ukuthi aphume - Ubufakazi

Parliament - Iphoyisa elisebenza ngaphakathi ePhalamende uSergeant Regina Mohlomi uthi wancenga umholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema nozakwabo ukuthi baphumele ngaphandle kwePhalamende mhlaka-12 Agasti.


UMohlomi usho kanjena ethula ubufakazi ngaphambi kwePhalamende, mayelana nesehlakalo esenzeka ngesikhathi uSomlomo uBaleka Mbete esola i-EFF ngokuphazamisa ukuqhubeka kwePhalamende.

"Ngakhuluma noMalema ngolimi lweSepedi, ngamtshela ukuthi usekhulumile uSomlomo, waphendula ngokuthi angeke baye ndawp," kusho ubufakazi bukaMohlomi, othi wabe eseqhubeka encenga uMalema.

"Ngakhuluma ngathi Mnumzane uMalema, umsebenzi wami uvele unzima, ngiyacela ungawenzi ube nzima ngokwedlulele kokuvele uyikho," kuqhubeka ubufakazi.

Ngemuva kokuthi uMalema namalungu eqembu lakhe sebephumile, uMohlomi wahamba wayokhuluma nenhloko yezokuPhepha ePhalamende.

Funda nalolu daba: Luyaqhubeka elokuziphatha kwe-EFF ePhalamende

Ubufakazi lobu bumayelana nendlela i-EFF eyaziphatha ngayo ngesikhathi kuqhubeka iPhalamende, uMengameli uJacob Zuma ephendula imibuzo ngodaba olumayelana nokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.

Kubhekeke kube nabanye ofakazi abahlanganisa noNgqongqoshe wezokuXhumana uSiyabonga Cwele, uNgqongqoshe wezokuPhepha uDavid Mahlobo, iPhini likaSotswebhu we-African National Congress uDoris Dlakude kanjalo noSotswebhu weDemocratic Alliance uJohn Steenhuisen.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 784 votes
No! It's time to move on ...
33% - 392 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.1%
Rand - Pound
23.82
-0.1%
Rand - Euro
20.43
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.6%
Platinum
924.20
-0.1%
Palladium
981.00
-1.0%
Gold
2,349.23
+0.7%
Silver
27.70
+1.0%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,144
+1.0%
All Share
75,085
+1.0%
Resource 10
62,980
+1.4%
Industrial 25
103,782
+1.2%
Financial 15
15,867
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE