Lawa kube ngamazwi kanozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune, ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaSenzo Meyiwa, Mbulaeni Mulaudzi kanjalo noPhindile Mwelase.
UKhune uchaze ngombango wakhe noMeyiwa, besakhula bebanga ukuba ngonozinti abahamba phambili nabamela izwe ezigabeni ezahlukene, uthe njalo abaqeqedshi babeba nenkinga uma kumele bakhethe ukuthi ngubani ozovimba, ngoba babedlala ngendlela efanayo noMeyiwa benjalo nezinikela ngakho konke abanakho.
UKhune uthe ngesikhathi uMeyiwa naye esenyusele eqenjini elikhulu kwiPirates, wafika wamthatha wayomthengela i-KFC.
Funda nalolu daba: Meyiwa yooo My Number One
Ngaphambi kokuthi kukhulume uKhune, kukhulume uLekgwathi, ochaze uMeyiwa njengomuntu obemnene futhi ezinikela.
"Wafika eqenjini engumfana omncane wahamba eseyindoda. Yonke indawo la besihamba khona, ababantu bebesala bekhumbula igama likaMeyiwa,"kuqhuba uLekgwathi othe kukhona konke okwenzekayo, akumele abantu basuse amehlo kuJehova.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).