Pretoria - IMeya yaseKapa uPatricia de Lille yacindezelwa yathukwa ngesikhathi ibike ngenkohlakalo odabeni lokuthengwa kwezikhali, kutshelwe ikhomishana kaSeriti ngoLwesine.
"Ngacindezelwa, ngabizwa ngamagama... Ngabizwa ngesiduphunga. Ngangilandelwa yonke indawo engangiya kuyona,” usho kanje etshela ikhomishana ePitoli.
NgoSepthemba 1999, esayilungu lePan Africanist Congress ePhalamende, watshela iPhalamende ukuthi kumele kuphenywe ngenkontileka yokuthengwa kwezikhali.
"Kusukela ngo-1999, impilo yami yashintsha ngalokhu engakwenza. Ngangifuna ukusiza uhulumeni.”
UDe Lille uthe wathola ucingo lwamalungu ePhalamende emtshela ngezinsolo, kanti uthi kwamthatha izinsuku ezimbili ecabanga ukuba kumele yini ahlangane nabo.
Uthi wagcina evumile ukuhlangana nabo wabe esebikela iPhalamende.
Ikhomishana iyaqhubeka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.