Pretoria - UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela angeke alidalule igama lesikhulu se-ANC esaputshuza incwadi ayibhalela uMengameli uJacob Zuma.
"Angeke ngisho gama lamuntu. Uma kukhona ofuna ukwazi ukuthi ngubani owaputshuza incwadi, akakhulume nabezindaba abashicilela udaba," kusho uMadonsela etshela abezindaba ePitoli.
Umvikeli womphakathi ubize isithangami sabezindaba wathi iyakhathaza indaba yokuptshuzwa kwemibiko, ethi ikhathaza kakhulu uma yenziwa umuntu ohloniphekile.
"Ayiphele indaba yokukhulumana kabi, lokho akubasizi ngaluth abantu kulesi sikhathi sentando yeningi," kusho uMadonsela.
UMadonsela ubize isithangami sabezindaba ngemuva kokuputshuka kwencwadi ayibhalela uZuma, emayelana nokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.