Durban – Umdwebi u-Ayanda Mabulu ngeke axolise ngomdwebo wakhe kaMengamelu uyJacob Zuma osuse umsindo, kunalokho uthembise ngokuthi uzoqubeka ngokusebenzisa ubuciko ukuzwakalisa ilaka lakhe.
“Labo abangahambisani nalo mdwebo ngabantu abaphila kahle, hhayi abahluphekayo,” kusho umdwebi.
Funda nalolu daba: Kubulawe odabuka eSomalia eKapa
Umdwebo kaMabulu, obizwa nge-Spear Down My Throat (The Pornography of Power), uveza ubuntu bukaZuma buncelwa owesifazane.
Lo mdwebi waseGoli uthi ukhethe ukudweba uZuma kanjena ngoba ukholelwa ukuthi uMengameli ubadayisile abantu bakhe, kubika i-IOL Mojo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.