Johannesburg - Iqembu le-Economic Freedom Fighters ngoLwesithathu lithe alihambisani nendlela yokugqoka ePhalamende ebekwe yi-ANC.
"I-EFF ayivumelani nokuthi kumele kube nendlela ethile
okugqokwa ngayo ePhalamende, nokuyinto eyenziwa ngoba befuna kuvalwe i-EFF ekugqokeni
njengezisebenzi,” kusho okhulumela iqembu, uLehlohonolo Fana Mokoena
esitatimendeni.
Funda nalolu daba: 'Makuvalwe omaklalabha be-EFF ePhalamende'
"Ngeke sikuvumele ukuba sitshelwe ukuthi sigqoke kanjani ePhalamende futhi sizozama ngakho konke okusemandleni ethu ukuphikisana nalowo mthetho.”
UMokoena usho kanje ngemuva kokuba i-ANC ithembise ngokuthi izobavala
omaklalabha abagqokwa yi-EFF ePhalamende ngoba bangasetshenziswa njengezikhali.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).