Polokwane – Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema ngoLwesibili wethule inkulumo yokubonga ngaphandle kweNkantolo eNkulu yasePolokwane ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abethweswe wona.
Lo mholo we-EFF uthe usejahe kabi ukubuyela ePhalamende ngoLwesine.
"Ngithanda ukubonga bonke abame nami futhi bekholelwa ukuthi ngimsulwa,” kusho uMalema.
Funda nalolu daba: Usephumile esibhedlela uMbhishobhi omkhulu
"Ijaji lithe sengingokhululekile,”usho kanje etshela abalandeli.
"Ngithanda ukubonga umndeni wami, ikakhulukazi ugogo wami obeme nami, obehlala egcizelela ukuthi ngimsulwa,” kusho uMalema, oqhube ngelokuthi amazwi akhe amsizile kakhulu.
UMalema uphinde wabonga unkosikazi wakhe, uMantwa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.