Johannesburg – Umholi we-EFF, uJulius Malema uthi yena ungumuntu onenhliziyo enhle nomoya omuhle, akayona le nto abantu abathi uyiyona, kubike iMail & Guardian ngoLwesihlanu.
"Uma ungahlala nami sizixoxele nje, ungaze ungiqabule esiphongweni. Ungaze uthi: 'Lo muntu akuyena lo engihlale ngixoxelwa ngaye, njengoba kuthiwa ngiyisilwane, ngizoba njengoHitler'. Nginenhliziyo enhle mina,” kusho uMalema.
UMalema ubexoxisana nephephandaba ngaphambi komgubho wokubungaza unyaka kwasungulwa iqembu lakhe, i-Economic Freedom Fighters, ozoba ngoMgqibelo.
NgoLwesithathu ebusuku, iPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uButi Manamela, lifanise uMalema nondlovukayiphikiswa waseJalimane, u-Adolf Hitler.
UMalema utshele iphephandaba ukuthi akanayo inhliziyo encane, futhi usewaludlulisa udaba lwakhe nentatheli ye-BBC.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).