UDe Villers uncome abalandeli babhola ngendlela abaseka ngayo imindeni ngomculo, wathi nakanjani naye uma eshona uyacela ukuthi bamhambele enkonzweni yesikhumbuzo sakhe.
Kuhlelwe ukuthi kubanjwe inkonzo yesikhumbuso sabezemidlalo abathathu abashone belandelana
Funda nalolu daba: Ngyamncanywa uSenzo - Mashaba
NgoLwesihlanu kwashona umsubathi uMbulaeni Mulaudzi, ngoMgqibelo kwashona ibhokisa uPhindile Mwelase kwathi ngeSonto kwashona uMeyiwa.
UMulaudzi washona engozini yemoto, uMwelase washona ngemuva kokuquleka isikhathi esiyisonto ekade eshayeke kabi elwa kanti uMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, ngeSonto.
Isikhumbuzo siyaqhubeka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.