Johannesburg - UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille usephonsele uhulumeni inselelo wathi akanikeze isifundazwe iWestern Cape ingxenye yesibonelelo esibekelwe abantu abasha abangasebenzi.
UZille uthi uhulumeni akakhiphe imali engu-R5-billion okuyingxenye yemali ebekelwe isibonelelo.
"Siyacela kuhulumeni kaZwelonke. Uma uhluleka ukusebenzisa le mali isetshenziwelwe isidingo sayo, ngoba iqembu elibusayo livumela inyunyana iCongress of
SA Trade Unions ukuthi iphazamise uhlelo, ayinikezwe iWestern Cape."
"Sizonikhombisa ukuthi imali isetshenziswa kanjani, singanikhombisa ukuthi lokhu okubikwa iCosatu angeke kusiphazamise thina ngoba sizokwenza lonke uhlelo ngokucophelela."
UZille ubekhuluma kanjena ngesikhathi kwaziswa ngohlelo lwesibonelelo sabantu abasha abangasebenzi esifundazweni.
UNgqongqoshe wezokuKhuliswa koMnotho u-Alan Winde uthi lolu hlelo olwasungulwa ngo-2009, selufake abantu abangaphezu kuka-2 000 emsebenzini wesikhashana.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).