"Sigqugquzela abantu ukuthi bakukhuthalele ukunikela ngezitho zomzimba uma sebeshonile,” kusho owale nhlangano uJooste Vermeulen etshela izintatheli eGoli.
Uthe kunesimo esiphuthumayo kuleli sokushoda kwalezi zinto abakhuluma ngazo.
UVermeulen uthe le nhlangano yethule ngokusemthethweni umkhankaso i"Say yes".
Uthe bebazisa nemindeni yalabo abavume ukunikela ngezitho zabo khona ngeke ibe khona inkinga uma onikelayo eseshonile.
OLUNYE UDABA: Abayi nganxanye ngokunikela ngezitho zomzimba
Uthe baphinde bafundisa nodokotela ngalolu hlelo.
Bangaphezu kuka-4 300 abantu kuleli abalindele ukunikelelwa ngezitho ezahlukene zomzimba.
Umuntu oyedwa angasindisa izimpilo zabantu abayisikhombisa ngokunikela ngenhliziyo, amaphaphu, izinso, isibindi ne-pancreas.
Kuthiwa abantu bangakwazi ukunikela ngisho nangesikhumba imbala.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho