Share

'Nomahosha angasivala isikhala sikaZuma'

Johannesburg - Uphiko lwabesifazane kwi-African National Congress luthi luzoqhubeka nokulwela ukuthi iNingizimu Afrika ibe nomengameli wesifazane, noma ngabe lokhu kuchaza ukuthi baqoka umahosha kulesi sikhundla.

Ngokubika kweThe Citizen i-ANC Womens League ihlela ukulidlulisela lolu daba kwingqungquthela yamalungu ayo esigungu esiphezulu ezoqala kusasa ngoLwesithathu eMidrand eGauteng.  

Umengameli walolu phiko uBathabile Dlamini obuye abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa komphakathi uthe lolu phiko luzolwela u-50/50 kuzozonke izinhlaka ze-ANC.

"Sifuna ukubona ushintsho oluzothuthukisa abesifazane kube nokulingana kwezikhundla," kusho uDlamini.

OLUNYE UDABA: Ushonile osokwe esikoleni esingekho emthethweni

Lo mholi walolu phiko uthe i-ANC ayinankinga nokuqoka umahosha njengomholi wayo.

"I-ANC ayikaze ibe nenkinga nokuqoka umuntu ongumahosha.

Uma ujoyina le nhlangano awubuzwa ukuthi ungumahosha ngakho ngeke ube sezinhlakeni ze-ANC.

Uma kungenziwa njalo kungakhombisa ukucwasa,"kusho uDlamini.

"Sifuna nabesifazane babe ngoNdunankulu bezifundazwe futhi babe ngoSihlalo benhlangano ezifundazweni."

 USihlalo we-African Union Commission uNkosazana Dlamini Zuma ungomunye wababhekiwe esikhundleni sokungena ezicathulweni zikaMengameli Jacob Zuma njengomengameli we-ANC ngo-2017 ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngo-2019.

UDlamini uthe sesifikile isikhathi sokuthi izinhlaka ze-ANC ziqale zidingide ubuholi obulandelayo bale nhangano njengoba enanele ngokuthi abesifazane kumele babe yingxenye yezingxoxo zobuholi.   

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 460 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 994 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE