Pietermaritzburg – Kubukeka sengathi uthishanhloko waseVilla Maria Primary School, uNokuthula Magwanyana akazange azise muntu ngokuthi impilo yakhe isengcupheni, akazisanga ngisho nomyeni wakhe imbala.
USbongiseni Magwanyana utshele iNews24 ngoLwesihlanu ukuthi unkosikazi wakhe akaze amazise nhlobo ukuthi kunomuntu ofuna ukumbulala.
“Akaze asho lutho kumina ngomsebenzi wakhe,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Kushone ingane kusha umjondolo
Uthisha nhloko, 46, utholakale eshonile esemotweni yakhe kuTable Mountain Road, eMgungundlovu ngoLwesithathu ntambama.
Kubukeka sengathi wagencwa ngocelemba.
Kukholakala ukuthi ubulawelwe isikhundla sakhe.
Umyeni kaMagwanyana uthe wehluleka ngisho nokuyamukela lento eyenzekale kunkosikazi wakhe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.