Rustenburg - INkantolo yesiFunda eRustenburg igwebe umlisa odilikajele abathathu ngelokudlwengula, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoMgqibelo.
"Ukulwisana nezehlakalo zokudlwenula kube nempumelelo
ngesikhathi uphiko lwaseRunstenburg olulwisana nodlame lwemindeni, ukuhlukumeza
ngokocansi nokuvikelwa kwezingane luphumelela ekutheni uSimon Molapo athole
odilikajele abathuthu,” kusho uCaptain Pelonomi Makau.
Funda nalolu daba: Odilikajele kubabulali baseThekwini.
UMolapo, 48, ugwetshwe ngamacala amane okudlwengula kanye namabili okuzama ukudlwengu.
Amacala akhe wawenza phakathi kukaMashi 2011 noFebhuwari 2012 ezindaweni zaseRustenburg.
UMolapo kuthiwa wayelutha izisulu zakhe ngokuzithembisa umsebenzi.
UMolapo lona wayeboshwe ngoFebhuwari 2012.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.