Johannesburg – Owesilisa waseLimpopo ugixabezwe ngodilikajele abathathu yiNkantolo ePhekeme yaseThohoyandou ngamacala okudlwengula nokubulala ngokusho kwamaphoyisa.
U-Azwitamisi Tshikhudo oneminyaka engu-40 ubudala wahlukumeza umphakathi waseMusina naseMakhado phakathi kweminyaka -2010 no-2013 enza amacala ahlukene okubalwa kuwo awokudlwengula, ukubulala, ukugqekeza nokubamba inkunzi, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Ronel Otto.
“Waze wabanjwa ngo-2013kulandela ukubulala owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala waseZimbabwe.
OLUNYE UDABA: Kubanjwe inkunzi isitolo sakwaWoolworths
Ngemuva kokubulala lona wesifazane wamqamula ingalo nesandla ngenhloso yokukudayisa wabe eselaxaza isidumbu entabeni nokuyilapho satholwa khona yindiza enophephela emhlane.”
NgoLwesihlanu inkantolo yagweba uTshikhudo odilikajele ababili ngamacala amabili okudlwengula nomunye udilikajele ngelokubulala.
“Ezinye izigwebo okubalwa kuzo iminyaka eyishumi ngokugqekeza, neminye engu-15 ngokubamba inkunzi uzozigweba ngokufana ,” kusho u-Otto.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho