Share

Ofakazi abangu-194 kwelosolwa ngokudlwengula izingane

Pretoria – Umbuso usukulungele ukubiza ufakazi wawo wokuqala ecaleni lomlisa waseTembisa obhekene namacala angu-152 ahlobene nokudlwengula, ukunukubeza ngokocansi nokuvezela izingane “induku” yakhe.  

Ngokubika kwePretoria News lo mlisa ubhekene namanye futhi amacala okuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza  nokweba.

NgoMsombuluko uPeter Dashboy Khoza oneminyaka engu-40 uwaphikile amacala athweswe wona ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge.

UKhoza usolwa ngokudlwengula izingane zamantombazane eziphakathi kweminyaka engu-6 no-12 ubudala.

OLUNYE UDABA:Kugwilize ingane, 3, umama esekhishini

Lo mlisa kubikwa ukuthi waqala lokukhohlakala endaweni yaseLulekani eLimpopo ngo-2007 ngesikhathi edlwengula intombazane eneminyaka engu-10 ubudala.

Kusolakala ukuthi ngemuva kwaleso sigameko wabe esebalekela eGauteng nokuyilapho afike aqhubeka nomkhuba wokudlwengula amantombazane ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo eTembisa, e-Ivory Park, Olifansfontein, Kliptown, Eldorado Park naseFreedom Park.  

Usolwa ngokuthi wayeqala ngokuzithumba lezi zingane aziyise ehlathini bese eyazitika ngazo.

Lo msolwa usetoke ezikhundini kusukela aboshwa ngomhlaka 11 kuJulayi 2013.  

Leli cala kulindeleke ukuthi lithathe izinsuku ezingu-45 ubuqulwa kanti kulindeleke ukuthi kubizwa ofakazi abangu-194.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 26 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 730 votes
Sometimes - it depends on the film release
32% - 350 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE