Pretoria – Umbuso usukulungele ukubiza ufakazi wawo wokuqala ecaleni lomlisa waseTembisa obhekene namacala angu-152 ahlobene nokudlwengula, ukunukubeza ngokocansi nokuvezela izingane “induku” yakhe.
Ngokubika kwePretoria News lo mlisa ubhekene namanye futhi amacala okuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza nokweba.
NgoMsombuluko uPeter Dashboy Khoza oneminyaka engu-40 uwaphikile amacala athweswe wona ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge.
UKhoza usolwa ngokudlwengula izingane zamantombazane eziphakathi kweminyaka engu-6 no-12 ubudala.
OLUNYE UDABA:Kugwilize ingane, 3, umama esekhishini
Lo mlisa kubikwa ukuthi waqala lokukhohlakala endaweni yaseLulekani eLimpopo ngo-2007 ngesikhathi edlwengula intombazane eneminyaka engu-10 ubudala.
Kusolakala ukuthi ngemuva kwaleso sigameko wabe esebalekela eGauteng nokuyilapho afike aqhubeka nomkhuba wokudlwengula amantombazane ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo eTembisa, e-Ivory Park, Olifansfontein, Kliptown, Eldorado Park naseFreedom Park.
Usolwa ngokuthi wayeqala ngokuzithumba lezi zingane aziyise ehlathini bese eyazitika ngazo.
Lo msolwa usetoke ezikhundini kusukela aboshwa ngomhlaka 11 kuJulayi 2013.
Leli cala kulindeleke ukuthi lithathe izinsuku ezingu-45 ubuqulwa kanti kulindeleke ukuthi kubizwa ofakazi abangu-194.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho