Share

OkaHani akakaphenduli ngesimemo sikaDerby-Lewis

Johannesburg – Umfelokazi kaChris Hani uLimpho akakasamukeli isimemo sikaClive Derby-Lewis sokuthi amvakashele esibhedlela ukuze akwazi ukuxolisa ngendima ayidlala ekubulaweni kwaleli qhawe lomzabalazo. 

Lokhu kudalulwe ummeli kwaDerby-Lewis ngoLwesine ukuthi uLimpho akakaphenduli ngalesi simemo esenziwe ikilayenti lakhe elugulela ukufa esibhedlela njengoba lihaqwe yisifo somdlavuza.

“Cha, ayikaqhamuki impendulo,” kusho lo mmeli uJulian Knight.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesifazane olahlwe ngelokudlwengula umshana

NgoMsombuluko abameli bakaDerby-Lewis bafaka isicelo sokubuyekeza isinqumo sikaNgqongqoshe wezoBulingiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo uMichael Masutha sokunqabela ikilayente labo ushwele ngomhlaka 30 kuJanuwari.

Ezinye zezizathu ezabekwa ungqongqoshe ngesikhathi echitha isicelo sikashwele sikaDerby-Lewis ukuthi akakaze akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe kodwa lesi sizathu sachithwa ngabameli abahambisa umqulu kwiJaji Selby Baqwa owawuchaza ukuthi uDerby Lewis useyindoda eshintshile.   

Omunye ummeli kaDerby-Lewis uRoelof du Plessis umeme uumfelokazi kaHani ukuba avakashele lesi siboshwa esibhedlela i-Eugene Marais ePitoli lapho elashelwa khona ngomdlavuza wephaphu.

UDu Plessis uthe uDerby-Lewis ufuna ukuvakashelwa umfelokazi kaHani ukuze akwazi ukuxolisa ubuso nobuso.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 968 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1012 votes
Vote
Rand - Dollar
19.23
-0.6%
Rand - Pound
23.92
-0.5%
Rand - Euro
20.55
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.49
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.5%
Platinum
915.60
-0.5%
Palladium
1,013.00
-1.3%
Gold
2,329.25
+0.3%
Silver
27.28
-0.1%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,614
+0.8%
All Share
74,549
+0.7%
Resource 10
60,527
+1.5%
Industrial 25
103,873
+1.0%
Financial 15
15,875
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE