Share

Okhilimu nensipho zabesifazane zokuphamba amadoda

Johannesburg - Velabahleke, Inhlanhla, Isivuthevuthe noBhekamina, lama gama akusiwo awezingane kodwa ngawensipho nokhilimu babesifazane.

Lensipho nokhilimu basetshenziswa abantu besifazane abafuna ukuqinisa imphambili yabo banyuse namazingo ocansi olumnandi ukuze amasoka abo angabashiyi.

UBhekamina wenzelwe ukuba isoka libheke wena kuphela lingabi naso isikhathi sokubuka abanye besifazane.

Umdayisi wasemgwaqeni ongafuna ukuzidalula igama edolobheni laseGoli uthe wenza imali yangempela ngokudayisa labokhilimu nensipho.

Uphinde wathi abantu abathenga le nsipho ngabesifazane ababalelwa emnyakeni ephakathi kwengu-25 no40 ubudala.

OLUNYE UDABA: Izinto okungamele uzisho ngemuva kokwenza ucansi

Omunye wabathengi ozazise ngoNthabiseng uthe: "Le nsipho sengiyisebenzise iminyaka kanti akuve isebenza.

"Ngisandukuqala ukusebenzisa uBhekamina kanti sengiwubonile umehluko, isoka lami livele liwuthulule wonke umholo walo kimi kanti futhi akangijoleli, kubika iSowetanLive.

"Njalo masiya ocansini lingitshela ukuthi ngathi silwenza okokuqala, ngathi ngiyintombi nto."

Udokotela wabesifazane uDokotela uDerek Merrell ululeke abesifazane ngokuthi bangabasebenzisi labo khulimu nensipho.

"Abukho ubufakazi bezesayensi obukhishiwe bokuthi bayasebenza kanti okujwayelekile ukuthi benza umphambili wowesifazane wome keqe okuyinto eyenza owesifazane angakhululeki."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                               

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 345 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 704 votes
Vote
Rand - Dollar
19.17
-0.0%
Rand - Pound
23.86
-0.2%
Rand - Euro
20.45
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
937.90
-1.3%
Palladium
1,010.50
-1.9%
Gold
2,382.21
+0.1%
Silver
28.33
+0.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,024
-0.3%
All Share
73,083
-0.3%
Resource 10
63,108
-0.3%
Industrial 25
98,200
-0.2%
Financial 15
15,454
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE