Johannesburg - Omunye wabagxeki bohlelo lokuthengwa kwezikhali uHennie van Vuuren, uzothathelwa izinyathelo zomthetho ngokunqaba kwakhe ukwethula ubufakazi, kusho iKhomishana kaSeriti, ngoMsombuluko.
USihlalo weKhomishana uJaji uWillie Seriti, utshele ummeli kaVan Vuuren uGeoff Budlender, wathi bazothatha izinyathelo zomthetho.
"Umthetho ukhona, uzothatha indawo yawo. Ngokuhamba kwesikhathi sizonquma ukuthi sizokwenza njani ngaye," kusho uSeriti.
Funda nalolu daba: UMadikizela-Mandela kweyokuthengwa kwezikhali
UBudlender ukhulume ngaphambi kwekhomishana efunda isitatimende esifungelwe esibhalwe nguVan Vuuren.
"Sincintshiwe ubufakazi. Sizame izinyanga ezingu-18 ukubuthola kodwa siyehluleka," kusho uVan Vuren.
Ukulalelwa kwekhomishana kuyaqhubeka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.