Ummangalelwa walahlwa yicala lokubulala ngokungenhloso mayelana nesigameko sokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp.
IJaji uThokozile Masipa kulindeleke ukuba ehlise isigwebo sakhe ngo-09:30 ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: Abalamana no-Oscar bayabhoboka
Ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo zokuphothula leli cala ngoLwesihlanu, umshushisi uGerrie Nel wathi ukubhadla enkantolo kuphela okufanele uPistorius, wathi futhi indaba yokukhubazeka kwakhe kumele ibekwe eceleni uma esegwetshwa.
UNel waqhuba ngokuthi isenzo sikaPistorius sokunikeza abakwaSteenkamp u-R6 000 ngenyanga izinyanga ezingu-18 waphinde wabathembisa u-R375 000, kwakuyimizamo yokuthi axegiselwe isigwebo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter