Share

Osemnkantshubomvu ugxeka ukusebenza komthetho kuleli

Emva kokubona ukwenzelela kwengalo yomthetho kwabanye abantu abasuke benamacala abucayi, umbhali osemnkantshubomvu waseMgungundlomvu uMnu Mbongeni Ngcobo usekhiphe incwadi esihloko esithi ‘Hawu Ngempela’ ekhuza lo mhlola.

UNOKULUNGA NGOBESE uxoxisane naye.

UNGCOBO ongowokudabuka esigodini sakwaShange endaweni yangaphezulu uthi ngale ncwadi uhlose ukukhuza umkhuba indlela umthetho osekubukeka ngayo njengento esivikela izigebengu, njengoba ezinye zidedelewa yize kukhona ubufakazi obuqandula ikhanda.

Le ncwadi ikhuluma ngezigebengu eziyishumi ezisebenzisana ndawonye (syndicate) esezibaqedile abantu ngokugqekeza, ukubulala, ukudlwengula nokukhwabanisa amakhadi asebhange.

Yize icala lazo liqalwe ukuqulwa eNkantolo enkulu yaseMgungundlovu, lagcina seliphelela eBloemfontein.

Ziyadedelwa phezu kobufakazi obuqandula ikhanda.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo uNgcobo uthe:

“Ngalesi sihloko esithi ‘Hawu ngempela’, ngikhombisa ukumangala kwami nokungakholwa ukuthi lezi zigilamkhuba zitholakale zingenacala.

“Inhloso enkulu ukuthi ngifuna umthetho ubuyise isithunzi sawo.

Ngibona sengathi umthetho walapha eNingizimu Afrika usuyenzelela.

OLUNYE UDABA:Iqale ngezidumbu impelasonto yobumnandi eKZN

Sekukaningi kudedelwa abantu abanamacala abucayi ngoba kuthiwa ubufakazi abanele

“Abantu uma bengathembele engalweni yomthetho, bazothembela kuphi?

Ngifuna ukukhuza umhlola ukuthi ingalo yomthetho ayiqine.

“Kunemiphakathi esihlale ihlalele ovalweni ngenxa yemigulukudu ekhishwa emajele yize inamacala.”

UNgcobo okuyincwadi yakhe yeshumi nane lena uthe ziningi izifundo afisa zitholwe abafundi ngale ncwadi.

“Okukuqala nje abafundi bazofunda nangokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abanye abantu.

Bazofunda nokuthi isikhathi esiningi ubugebengu lobu obudlangile emiphakathini yethu budalwa ukuvilapha kwabantu, abafuna imali esheshayo.

“Ziningi izinto abantu abangazenzela zona ukuze baxoshe ikati eziko esikhundleni sobugebengu.

Ekugcineni kwakho konke ngiphonsa inselelo kuhulumeni wethu ukuthi ake abhekisise ukusebenza kwezinkantolo abuyise isithunzi sezinkantolo, njengoba eminingi imiphakathi isikhetha ukuzibambela ngezandla ngenxa yokuphelelwa ithemba kwingalo yomthetho,” kusho yena.

Le ncwadi isiyatholakala kwa Adams andamp; Griggs Booksellers

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
What do you think of the DA's controversial TV ad depicting a burning South African flag?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Effective - they hit the nail on the head
0% - 0 votes
Tone-deaf - they crossed the lined
0% - 0 votes
Vote
Rand - Dollar
18.43
+0.2%
Rand - Pound
23.08
+0.2%
Rand - Euro
19.85
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.17
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
997.50
+1.3%
Palladium
980.75
+1.0%
Gold
2,364.92
+0.9%
Silver
28.20
-0.4%
Brent Crude
83.88
+0.4%
Top 40
72,181
+1.2%
All Share
78,464
+1.2%
Resource 10
63,450
+2.5%
Industrial 25
108,579
+0.4%
Financial 15
16,955
+1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE