Bedfordview - Oshayasibhamu bahlasele eBedford Centre, empumalanga yeGoli, esehlakalweni okukholakala ukuthi esokuphangwa kwebhange kanye nesitolo sakwa Pick 'n Pay.
I-eNCA.com ibika ukuthi amaphoyisa abesendaweni yesehlakalo athe
cishe babili abantu abalimele kulesi sehlakalo ngesikhathi kudutshulwana.
Funda nalolu daba: Kulimale 22 engozini eyenzeke eMlazi.
Kukholakala ukuthi le nxanxathela yezitolo njengamanje ivaliwe.
Ozibonele utshele i-eNCA.com ukuthi yena kanye nabanye abebezothenga bacashe ezitolo ngesikhathi kuqhubeka ukudubulana.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.