Durban - Othisha besikole saseThekwini, eMlazi, badube ukufundisa ngoLwesihlanu ngemuva kokuba abafundi beshaye ozakwabo abane.
Abafundi abathintekayo kulokhu kuthiwa bakhankasela ukugcina uthishanhloko waseVukuzakhe High School ophenywa yiziphathimandla.
Lesi sehlakalo sishiye isikelo singenabo othisha abanele abazobheka abafundi njengoba bebhala ukuhlolwa kwabo, kibika i-eNCA.
Amaphoyisa kudingeke angenelele kulesi sikole ngemuva kokuba abafundi
bevuke umbhejazane, bacekela phansi impahla beshaya nothisha.
Funda nalulo daba: Kudingeka othisha abaningi.
Uthishanhloko wesikole okwamanje uphenywa yiziphathimandla ngezinsolo zokungaphathi ngendlela kanye nokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe.
Kodwa abanye abafundi bayameseka futhi basola othisha ababashayile ngetula lokuzama ukuqumba phansi uthishanhloko wabo.
UMnyango wezeMfundo uthi okwamanje ngeke ukwazi ukuphawula ngoba
kusaphenywa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).