Engxoxweni abe nayo neSowetan, uMboro uthe naye unaso lesi siphiwo abantu abasinqamulela amazwe baze bayobhajwa koNigeria.
“Le nto abayijaha eNigeria yiyo kanye le nami engingakwazi ukubasiza ngayo. Ngihambela abagulayo ezibhedlela. Yimi kuphela umfundisi odume ngokukhuleka kobuye obekulahlekile,” kuqhuba uMboro.
UMboro ubekhuluma mayelana nesigameko sakamuva lapho kushone khona abantu abangu-84 bakuleli kwathi abangu-25 balimala ngesikhathi kuwa isakhiwo sebandla eNigeria.
OLUNYE UDABA: Sinyukile esabashone kwelika-TB Joshua
UMboro uthe uzimisele ngokunikelela umndeni ngamunye ngo-R10 000 kuleyo ethintekayo kulesi sibhicongo.
“Ngithanda ukunikeza imindeni engu-70 u-R10 000 umndeni ngamunye, inkinga angazi ukuthi singaxhumana kanjani.”
UMboro ukhale ngokuthi abefundisi bakuleli abatuswa njengabakwamanye amazwe kuleli.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter