Johannesburg - UNickson Makomi washiywa unkosiakzi wakhe ngemuva kokuba embambe ekhuluma nesoka lakhe elidala kuFacebook.
Washiya ikhaya labo eliseVaalwater eLimpopo wayohlala nabazali eRustenburg.
UMakomi oneminyaka engu-40 ubudala utshele abeDaily Sun ukuthi: “Sengimuncenge kaningi ukuba abuye kodwa uthi uyesaba ngoba uyena owasephutheni.
"Izinkinga zethu zaqala ngesikhathi engena ku-Facebook. Ngasola ukuthi kukhona okushaya amanzi," kusho uMakomi
UMakomi wathatha ucingo lankosikazi wakhe waliphequlula, ebheka izingxoxo ezikuFacebook.
"Ngashaqeka kakhulu ngibona izingxo zabo," etshela abephephandaba.
"Egcina ukukhuluma nomkakhe, umkakhe wathi uyafuna ukubuya kodwa akathembisi ukuthi uzohlukana nesoka lakhe lakudala."
"Uma ukubuya komkami kuchaze ukuthi fanele ngamkele nale enye indoda, kulungile,"usho nje.
UStole uthe: "Ngizomuvakashela maduzane mase ngikhuluma nani," etshela abe-DailySun.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter