Johannesburg – Lowo owayengusihlalo weStanding Committee on Public Accounts (Scopa), uGavin Woods, kulindeleke ethule ubufakazi kwikhomishana kaSeriti ngoLwesibili.
UWoods, owayeyilungu leNkatha Freedom Party ePhalamende, wesula njengosihlalo wekomidi ngo-2002.
Ngesikhathi esula esikhundleni sakhe, uWoods wadalula ukuthi wesula ngenxa yokuthi kunongqongqoshe bekhabhinethi abagxambukela emsebenzini weScopa, okubalwa kubona lowo owayengusotswebhu we-ANC uTony Yengeni, yilowo owayenguSomlomo wePhalamende, uFrene Ginwala kanye noMengameli uJacob Zuma owayeyiphini likamengameli ngaleso sikhathi.
UWoods waphinde wathi iScopa savinjelwa ukuba siqinisekise ukuthi udaba lokuthengwa kwezikhali libhekisiswa ngendlela.
Ubufakazi bakhe bulindeleke ukuba buphothulwe ngezinsuku ezimbili.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.