Johannebsurg - IKickOff.com ibika
ukuthi umdlali weMamelodi Sundowns uPunch Masenamela usejoyine iPlatinum Stars.
AmaBrazilians avumile ukumbolekisa eqenjini leDikwena lo mdlali isizini yonke esele.
"IPlatinum Stars iyona ezomkhokhela njengokuba ebehola,” kusho imenenja yalo mdlali uJazzman Mahlakgane.”UMasenamela uzothatha indawo kaLuvolwethu Mpeta osejoyine iSuperSport United.
Funda nalolu daba: 'Asikho isidingo sokuthi iBafana izenyeze.'
UMpeta usayine inkontileka neSuperSport kanti bekumele ajoyine leli qembu ngoJulayi, kodwa uzolijoyina maduzane njengoba lamaqembu esevumelene.
Ngokombiko weKickOff.com, njengoba inkontileka kaMasenamela neSundowns iphela ngoJuni, lo mdlali angase ahlale kulrli qembu leStars njengoba izingxoxo zisaqhubeka.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.