Share

Owesifazane owadlwengulwa ufuna u-R10,6m emaphoyiseni

Pretoria – Owesifazane owagwazwa amahlandla angu-22 waphinde wadlwengulwa ngumalugaju, usefakele amaphoyisa isimangalo efuna ukukhokhelwa u-R10.6 million ngamademeshe, ngoba amaphoyisa ehluleka ukwenza umsebenzi wawo wokuvikela umphakathi.

Lona wesifazane, emaphepheni awafake eNkantolo eNkulu eNorth Gauteng, uthi wayengeke adlwengulwe ukuba uMbuso wawumvalelile uSamuel Tsietsi Msiza owayengaphandle ngebheyili ngamanye amacala.

UMsiza wayebhekene nohide lwamacala, okubalwa kuwona nelokudlwengula owesifazane ngo-Okthoba 2011 eSinovill.

Ngeledlule, uMsiza wagwetshwa yinkantolo udilikajele, kanye neminyaka engu-40 ngaphezulu ngesihluku abanaso ngesikhathi ehlasela umfundi waseTuks, oseneminyaka engu-24 ubudala manje.

Kuvele ukuthi uMsiza wayenamacala kusukela kudala, ayengazange abhekane nawo noma uMbuso ongazange uwalandelele.

Usolwa ngamacala amaningi okudlwenula izingane kanye nokwenza ucansi nezidumbu zabantu okuthiwa wayebabulalile.

UMsiza kwakulindeleke avele eNkantolo eNkulu eMafikeng ngecala lokuhlasela, kodwa uMbuso wawahoxisa amacala, kubike iPretoria News.

Lona wesifazane usola amaphoyisa neNPA ngokungawenzi umsebenzi wabo ngokuthi babekele inkantolo izizathu eziqinile zokuba uMsiza anganikwa ibheyili kanye nokungawalandeleli amanye amacala akhe aphambilini. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 401 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 843 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
+0.4%
Rand - Pound
23.63
+0.8%
Rand - Euro
20.34
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
941.60
-0.9%
Palladium
1,021.50
-0.8%
Gold
2,393.36
+0.6%
Silver
28.69
+1.6%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE