Mbombela – Uvele enkantolo owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala osolwa
ngokufaka usana olusanda kuzalwa egodini wendlu yangasese.
Ngokombiko lona
wesifazane uvele ngoLwesibili eNkantolo yesiFunda yaseTonga eMpumalanga.
Kubikwa ukuthi uDelisiwe Mhlongo ongowokudabuka eSwaziland kodwa osezinze KaMhlushwa
ngaphandle kwaseMalalane akabuzwanga ukuthi uyaliphika noma uyalivuma icala.
OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo owesifazane okhiphe amankwahla
Umshushisi uThulani Msibi uthe uMhlongo lizoqokwa ngesonto elizayo usuku
lokuthethwa kwecala uma sekubuye imiphumela yelibifuzo.
Umbiko uveza ukuthi uMhlongo waboshwa ngemuva
kokuba omakhelwane bezwe ukukhala kwengane encane endlini yangasese ngonyaka
owedlule. Kuthiwa ungaphandle ngebheyili kaR500.
Kuvela ukuthi leli cala lihlehliselwe
umhlaka-23 kuSepthemba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho