Share

Owesifazane udlwengulwe kabili ngobusuku obubodwa

Johannesburg – Owesifazane udlwengulwe ngamadoda amathathu ezigamekweni ezimbili ezahlukene ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng.

UWarrant Officer Kay Makhubela uthe owesilisa uthathe owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala endaweni yokucima ukoma eMoletsane eSoweto ngeSonto wahamba naye waya esigangeni wafike wamdlwengula maqede wayomshiya egaraji lokuthela uphethiloli.

Uqhube wathi ngokuhamba kwesikhathi abalisa ababili bafike bafuna ukumsiza lona wesifazane bamathatha ngemoto bahamba naye baze bayofika eKlerksdorp eNorth West.

OLUNYE UDABA: Ugcwele ukwesaba othi udlwengulwe abesimame

Kubikwa ukuthi laba balisa ababili bafike nalona wesifazane eKlerksdorp nabo bafike bazitika ngaye bemdlwengula ngokushintshana.

Ngemuva kwalokhu kubikwa ukuthi bamthathe bambuyisela eSoweto bamshiya enxanxatheleni yezitolo eMaponya ngaphambi kokuthi bashaye bachithe.

UMakhubela uthe lona wesifazane uhambe waye emaphoyiseni wafike wavula icala ngoMsombuluko.

“Bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko kodwa amaphoyisa aseqale uphenyo,” esho.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 420 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 892 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE