Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala waseNanda enyakatho neTheku uthi waguqa ngamadolo ekhala mi izinyembezi ecela usizo ngesikhathi iqulu labantu ebelidinwe ligane unwabu limhlasela limsongela ngokumbulala.
UGcobisa Shayesthubeni usolwa ngokuletha isoka lakhe eliyisigebengu endaweno ngoLwesibili ebusuku.
Abantu baya emjondolo wakhe befuna isoka lakhe elisolwa ngokweba. UShayesthubeni wathi akamazi futhi akazi nokuthi uyisela.
OLUNYE UDABA: Iqulu labantu libulale abathathu bomndeni owodwa
Kodwa iqulu elalihlome ngamatshe, imishiza nangezimvubu abazange bazebamkholwe.
Leliqulu latalabha uShayesthubeni lifuna ukwazi ukuthi livuma kanjani ukuthi kungene emjondolo wakhe, elele phansi uShayesthubeni wayebancenga ukuthi bengambulali.
Izakhamzui zendawo zitshele abeDaily Sun ukuthi kufanele ashaywe aze akhiphe isoka lakhe.
Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe uShayesthubeni kufanele alubike udaba emaphoyiseni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter