Johannesburg – Kushone owesifazane obehamba ngezinyawo engozini eyenzeke emgwaqweni uRustenburg ngaseMagaliesburg ngokusho kwabosizo lokuqala ngeSonto.
Kusolakala ukuthi lona wesifazane oneminyaka ekuma-50 ubudala ubezama ukuwela umgwaqo ngesikhathi eshayiswa yiveni ngoMgqibelo ntambama, kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uChris Botha kwisitatimende.
OLUNYE UDABA: Kushone 1 kwalimala 5 engozini yaseNelspruit
“AbakwaNetcare 911 bafike endaweni yesigameko bathola owesifazane edindilizile emgwaqweni,” esho.
Uqhube wathi ngemuva kokumxilonga bathola ukuthi ulimale kanzima.
“Ngeshwa bekungasekho obesekungenziwa ukuhlenga impilo yakhe kwagcina ngokumenela.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho