Share

Owesifazane ushumpulwe ikhanda nge-grinder

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng athungatha owesilisa waseTurffontein kulandela ukutholakala kukamama wezingane zakhe ezimbili ebulewe emzini abebehlala kuwo.

"Sithungatha lo mlisa ukuze ezosisiza ngophenyo,” kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Lorraine van Emmerik.

Ngokombiko wephephandaba iThe Star, uWinette Nyamakari, utholwe ngumama wakhe elele edamini legazi emzini abebehlala kuwo nesoka lakhe.

Kuthiwa ushumpulwe ikhanda nge-grinder.

Isoka, u-Alex Thomas, kuthiwa kumanje ligcwele amathafa.

Umama kaWinette, uPortia, uthe wagcina ukubona indodakazi yakhe iphila ngoJuni 24 njengoba umsolwa afika la besebenza khona wacela ukuthi uWinette aphule emsebenzini ngoba kukhona la beya khona.

"Ngalelo langa washaya ucingo ethi ucela ngilande indodana yabo enkulisa, nabagcina bengayilandanga kimina,” esho.

UPortia uthi wahamba nomyeni wakhe baya emzini kaThomas bafica umnyango ugengelezile kubonakala ukuthi kunezinto ezithathiwe endlini.

Uthi wabe esebona amachaphazelo egazi nokuyiwona amholela egumbini lokugezela lapho athola khona isidumbu sendodakazi yakhe sigoqwe ngengubo yokulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
40% - 232 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
60% - 346 votes
Vote
Rand - Dollar
18.97
-0.4%
Rand - Pound
23.97
-0.3%
Rand - Euro
20.52
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.4%
Platinum
900.15
+0.4%
Palladium
1,000.00
-0.2%
Gold
2,213.87
+0.9%
Silver
24.75
+0.4%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,237
+0.8%
All Share
74,414
+0.7%
Resource 10
57,122
+2.6%
Industrial 25
103,714
+0.4%
Financial 15
16,494
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE