Johannesburg – UJimmy Menyatso oneminyaka engu-38 ubudala waseDobsonville eSoweto ukhalela ukuthi kubuye isithandwa sakhe uDimakatso Mokhutho.
"UDimakatso Mokhutho wahamba ngomhlaka 6 kuJulayi ngo-2012 kanti angiphindanga ngambona.
Wathembisa ukuthi uzobuya kodwa akasabuyi," kuzikhalela uMenyatso.
Laba bobabili bahlangana eGoli ngomhlaka-27 Ephreli ngo-2011.
OLUNYE UDABA: Ucela ukufuniswa indodana ayiphika
Ngokusho kwaMenyatso uMokhutho wanquma ukuhamba amshiye ayeFree State kodwa akaphindanga wabuya.
"Ngisho noma ngabe usaba nezingane nenye indoda kulungile ngizozikhulisa," kusho uMenyatso.
Uma kukhona owazi uDimakato Mokhutho uyacelwa ukuba ashayele abephephandaba iDaily Sun ku- 011 877 6060.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook